Amavesi EBhayibheli ngokuphila
- UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;
uyakulonda umphefumulo wakho.
UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. - Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
- Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu. - Ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona.
- Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.
- Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo. - Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?
- Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade. - Ngokuba osuka ethanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle,
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
adede ebubini, enze okuhle,
afune ukuthula, akujonge. - Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu. - Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise. - Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. - Ngazise imendo yakho, Jehova;
ngifundise izindlela zakho. - Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
- UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.”
- Thula phambi kukaJehova,
ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi. - Impela okuhle nomusa kuyakungilandela
imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade. - Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;
okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo. - Ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.
- Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.
- Ungasho ukuthi:
“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala
zazizinhle kunalezi na?”
Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha. - Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka. - Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
- Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.
- Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
Izihloko ezihlobene
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ndodana yami, lalela amazwi ami,ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;okulondolozayo akayikozela.Ivesi elilandelayo