- Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”
- Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.
- Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.
- Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.
- Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:
“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ” - UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”
- Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
- Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.
- Kuyakuthi yilowo nalowo
obiza igama leNkosi uyakusindiswa. - Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
Izihloko ezihlobene
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuvangela
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo...
IPentekoste
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Amavesi eBhayibheli osuku
UNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,akhiphele iziboshwa ekubuseni;
ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.