- Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
- Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. - Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. - Liyakuba njalo izwi lami
eliphuma emlonyeni wami:
aliyikubuyela ze kimi,
lingakafezi lokhu engikufunayo,
liphumelele kulokhu engilithumele kukho. - Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe. - Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga
nasolimini lwenkohliso. - Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. - Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami. - Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,
nomlomo waso ubiza imivimbo. - Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela. - Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
- Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa. - Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo. - Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. - Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
- Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. - Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,
kepha zonke iziwula ziyaphikisana. - Ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
- Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane. - Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo. - Kwathi ngithule, amathambo ami aguga
ngokububula kwami usuku lonke. - Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula. - Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.
- Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu. - Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
Izihloko ezihlobene
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Inhlebo
Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;ophuzisayo uyakuphuziswa naye.Ivesi elilandelayo